Livelile iphoyisa elizama ukweqisa iziboshwa

2012-11-07 16:24

Johannesburg - Livelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eGoli, iphoyisa elisolwa ngokuba nesandla esahlakalweni sokuqhuma okwenzeka elolini elalithwele iziboshwa ezazama ukweqa zibuyiselwa ejele.

Ngenyanga eyedlule iziboshwa ezabe zisuswa eNkantolo yeMantshi eRandburg zibuyiselwa ejele iJohannesburg Central Prison, zaqhumisa okuthize elolini zizama ukweqa.

Kulesi sehlakalo kwashona iziboshwa ezintathu kwalimala ezingu-14.

Kuthiwa iphoyisa elisebenza eNkantolo yaseRandburg, yilo elanika iziboshwa iziqhumane, leli phoyisa livele enkantolo ngoLwesithathu lizifihle ubuso, kubika izindaba ze-Eyewitness News.

Okwamanje angeke lidalulwe igama lalo, kuze kuba lihlonzwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu.

Ziyisikhombisa iziboshwa ezibhekene necala.






  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...