Livelile iphoyisa elisolwa ngokubamba inkunzi

2013-01-21 16:16

Johannesburg - Ukaputeni wamaphoyisa wasesiteshini iWrenchville, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMothibistad, mayelana necala lokubamba inkunzi.

Umbiko wamaphoyisa uthi icala likaCaptain Anna Phorotlho, 42, lihlehlele umhla lulunye kuFebhuwari, kuze kuzoqhutshwa uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Olebogeng Tawana, uthe umsolwa uzogqunywa esitokisini.

UPhorotlho waboshwa ngesonto eledlule, mayelana namacala ahlanganisa ukubamba inkunzi izitolo zabantu bokufika eziseWrenchville, eKuruman.

Abanye abasolwa abangabaphangi , bakhomba uPhorotlho njengomunye ebebegila naye imikhuba, batshela amaphoyisa ukuthi ukaputeni ubebahlinzeka ngezibhamu uma beyobamba inkunzi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...