Lisuliwe icala lomyeni kaDe Lille

2012-11-08 10:01

Cape Town - Icala lokushayela budedengu ebelibekwe umyeni kalowo oyiMeya yaseKapa uPatricia de Lille, lisuliwe ohlwini lwamacala, kusho umbiko ngoLwesine.

Iphephandaba iCape Argus libike ukuthi u-Edwin de Lille, 64, bekumele avele eNkantolo yeMantshi eGoodwood ngoLwesithathu, kodwa wahambisa incwadi kadokotela ngokungafiki kwakhe.

Ngokombiko onikezwe inkantolo, uDe Lille ube nesifo sohlangothi ngo-Okthoba 11 kanti uphathwa yisifo sikashukela.

"NgoLwesihlanu kutholakale ukuthi uyagula nokungase kudale ukuthi aphinde abe nesifo sohlangothi," kusho uDkt Rafiq Abbas, waseGrassy Park Medi-Centre, ebhale kule ncwadi.

Iphephandaba libike ukuthi ngemuva kokuboshwa kwakhe ePinelands ngoLwesihlanu, imeya yathi umyeni wakhe uvukwe ukugula eshayela.

IMantshi uSean Lea uthe uMbuso kuzomele uphinde uyalele uDe Lille ukuba abuyele enkantolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...