Lisinde lidutshulwa ilungu le-ANC

2012-11-30 10:33

Johannesburg - Ilungu le-ANC eNorth West lidutshulwe ngaphandle komuzi walo eMmabatho ngesikhathi lithi livula isango ngoLwesihlanu ekuseni, kusho amaphoyisa.

ULieutenant Colonel Sabata Mokgwabone uthe lesi sigameko senzeke ngabo-03:00, kudubula umuntu ongaziwa.

Leli lungu likwazile ukubalekela inhlamvu njengoba lingalimalanga.

Ngokwemibiko yangoLwesihlanu ekuseni, unguNobhala we-ANC eNorth West uKabelo Mataboge.

Okhulumela iqembu esifundazweni uKenny Morolong akazange atholakale ngokushesha ukuba aphawule.

Kuphenywa ngecala lokuzama ukubulala.

Kulindeleke ukuthi i-ANC eNorth West ibambe ingqungquthela yokuqokwa kobuholi ngokuhamba kosuku ngoLwesihlanu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...