Lishonele ehlazweni iphoyisa laseThekwini
2012-01-26 10:12
Durban - Lowo owayengumkhuzi wamaphoyisa esiteshini esiseSydenham nobesolwa ngokuthanda ucansi, uGlen Nayager, ushonile nokusolwa isifo senhliziyo ngesikhathi kulalelwe izinsolo abekwa zona.
Ufa nje ubezama ukugeza igama lakhe ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi nokuthi abuyiselwe embuthweni wamaphoyisa.
Ummeli wakhe, u-Anand Nepaul, ukuqinisekise ngoLwesithathu ukuthi uNayager ulushiye phakathi lolu helo – obelubanjelwe e-Elangeni Hotel
– ngesikhathi kuphekwa ngemibuzo ufakazi.
"Akuphelanga sikhathi ngabizelwa ngaphandle," echaza. "Ngibonile ukuthi khona okungahambi kahle njengoba uNayager ebephelelwa umoya. Uthe akezwa zinhlungu kodwa akakwazi ukuphefumula."
UNepaul uthe uNayager ubesesibhedlela ngayo inhliziyo kanti uphume ngeSonto.
Iphoyisa laseSydenham, nelicele ukungadalulwa igama ngoba alivumelekile ukukhuluma nabezindaba, lichaze uNayager
njengobasi obeqotho.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24