Lisenkantolo iphoyisa elidubule unkosikazi walo
2012-02-22 07:30
Johannesburg - Iphoyisa livele eNkantolo yeMantshi yaseSasolburg ngezinsolo zokudubula lilimaze kabi unkosikazi walo.
UDetective Warrant Officer Amos Mlangeni, 43,
osebenzela esiteshini samaphoyisa esiseSasolburg, ubekwe icala lokuzama ukubulala, kusho i-Independent Complaints Directorate (ICD).
Leli cala lihlehliselwe uLwesithathu nalapho kuzofakwa khona isicelo sebheyili.
Okhulumela i-ICD uMoses Dlamini uthe kusolakala ukuthi uMlangeni udubule walimaza unkosikazi wakhe, uNtombizodwa,
39, emzini wabo phakathi kwamabili ngoMgqibelo.
Kuthiwa umdubule kabili ekhanda, kumanje asaziwa isizathu salokhu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA