Lisenkantolo elokukhwabanisela umshwalense

2013-01-07 13:02

Durban - Abantu abayisithupha bazovela eNkantolo eThekwini ngoMsombuluko ngezinsolo zokukhwabanisela umshwalense, kusho amaphoyisa.

UColonel Vincent Mdunge uthe kuboshwe abantu abayisithupha ngoLwesine nangoLwesihlanu.

Kusolakala ukuthi bebeyingxenye yabantu abebehlela ukukhwabanisela izinkampani zomshwalense okuhlanganisa ukubhalisa umuntu ongasekho nokukhokhelwa imali.

"Kusolakala ukuthi indoda eneminyaka engu-50 ubudala engumsolwa, yathola imali ye-life cover engu-R1.5 million ezinkampanini zomshwalense ngokuthi ibhalise umalume osashona,  kusho uMdunge.

"Wakhokha imali yazinyanga zonke njengokwenqubo, walinda yaze yavutha imali ukuze afake isicelo.”

UMdunge uthe le ndoda yayifuna imali ngo-Okthoba ngonyaka odlule kodwa kwadingeka ithole isidumbu ukuze ithi ngesikamalume wayo, kukholakala ukuthi yaya kowesifazane onamakhaza eThekwini yamthembisa u-R15 000 uma engamtholela isidumbu nesitifiketi somgunyathi.

Owesifazane waya eZivelele Funeral Services ukuze bamsize athole isidumbu kuze sizoyiswa kudokotela aqinisekise ukuthi ngempela lowo muntu akasekho emhlabeni bese siyangcwatshwa.

Kodwa, iZivelele Funeral Services yayingenaso isidumbu esifana nomalume ongasekho, ngakho bacela inkampani kamasingwabisane edlelana nabo.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...