Liqhubekile elavukelambuso eBloemfontein
2013-01-23 14:05
Bloemfontein - INkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, isilalele ubufakazi bokugcina esicelweni sebheyili esifakwe ngamadoda amane asolwa ngokwakha itulo lokubulala abaholi beqembu elibusayo, ngesikhathi kubanjwe inkomfa enkulu eMangaung.
IMantshi uMziwonke Hinxa, uhlehlise ukulalelwa kwalesi sicelo.
Abasolwa uMark Trollip, Johan Prinsloo, Martin Keevy kanye noHein
Boonzaaier, basolwa ngokufuna ukubulala abaholi be-African National Congress, ababezobulawa enkomfeni yaseMangaung.
Phambilini umshushisi uShaun Abrahams, uveze ukuthi abasolwa bayingxenye yeqembu elibizwa nge "Die Slag van Mangaung" (The
Battle of Mangaung).
Iqembu leli kuthiwa laqala ukwakha itulo kusukela ngenyanga kaJanuwari ngo-2012, kwaqalwa neqembu lontamolukhuni iBoere Party, elabe lizohlukumeza abantu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA