Liphuthwe yizimendlela iphoyisa elisecaleni

2012-12-10 08:15
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Sigcine ngokuhoxiswa isiphakamiso sokuthi likhushulelwe esikhundleni sokuba nguMqondisi kwezokuphepha komphakathi iphoyisa likaMasipala waseKurhuleni, uHlula Msimang, njengoba ebhekene necala lokubulala, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi lesi siphakamiso senziwe yikomidi lehhovisi lemeya yaseGoli, kanti uMsimang bekumele aqale kulesi sikhundla ngoDisemba 1.

Kodwa-ke, okhulumela leli hhovisi, uFred Mokoko, uthe lesi siphakamiso sihoxiswe ngosuku uMsimang avele ngalo enkantolo ngecala lokubulala.

Leli cala lihlobene nesigameko sokudubula esenzeka emzini kaMsimang, eBryanston ngoFebhuwari 11 nonyaka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C High level clouds. Cool. Pta: 6-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-24°C Sunny. Mild. PE: 10-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...