Liphume nobomvu - DA

2014-02-07 08:14

Johannesburg - IDemocratic Alliance ithi ayilahlekelwanga lutho ngokuhlubuka kwamakhansela ayo eGauteng, nahlubukele ku-ANC, yawabiza "ngabantu abalandela ibhodwe eliconsayo".

"Kusicacele ukuthi kukhuluma indaba yebala ku-DA," kusho uSam Moimane, nongomunye wabashiye iqembu, etshela izintatheli eGoli.

Uthi "kunezimpawu zobandlululo" kuleli qembu eliphikisayo.

UMoimane nekhansela laMasipala waseTshwane uSello Maila bamukelwe ku-African National Congress nguNobhala weqembu eGauteng uDavid Makhura.

"Angikaze ngihlangabezane nokubandlululwa, kepha ngathi uma ngifika ku-DA ngezwa okuhlukile. Ziyaphila izimpawu zobandlululo kuleliya qembu."

UMoimane uthe wajoyina i-DA ngo-2000.

Umholi we-DA eGauteng uJohn Moodey uthe la makhansela amabili abevele engawenzi ngendlela umsebenzi.

Uthe liphume nobumvu!


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...