Liphekwe ngemibuzo iphoyisa ngolwaseMarikana

2012-11-26 14:03

Rustenburg - Uchwepheshe wezibhamu ngaphansi kwabakwaSA Police Service, ukhiphe ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, echaza ngohlelo lokusetshenziswa kwezibhamu emaphoyiseni.

UWarrant Officer Albert Wessels ubephekwa ngemibuzo ngummeli uDumisa Ntsebeza (omele imindeni), nobesaqhubeka nokufuna incazelo ephelele ngalokho okwenzeka emayini mhlaka-16 Agasti, ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi.

Kusukela angena ebhokisini lofakazi ngoLwesihlanu uWessel, umile kwelokuthi wabe engasiyo ingxenye yethimba elalibhekele udaba lwaseMarikana, utshele ikhomishana wathi wabe esekhefini ngesikhathi sesiteleka.

Lona ubuzwe ngendlela amaphoyisa asebenzisa ngayo izibhamu, ngokwemvamisa.

"Uma kungathiwa naba abantu abayisikhombisa bazobamba inkunzi base bedutshulwa bebulawa ngamaphoyisa. Ngabe lokho kusho ukuthi amaphoyisa aya kubo evele esazi ukuthi azohlangana nabantu abahlome njengawo?" kubuza uNtsebeza.

Kunjalo, kuvuma uWessels.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C Haze. Warm. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...