Liphazamisekile elikaMpisane

2012-10-23 16:15

Durban - Kubambezelekile ukuqulwa kwecala elibhekene nosomabhizinisi uShauwn Mpisane, ebeliseNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesibili ngenxa yokuthi ubengafuni ukuthwetshulwa izithombe yizintatheli, ebaleka.

IMantshi uBlessing Msane kudingeke ukuba akumise ukuqhubeka kwecala ngoba uMpisane ubengafuni ukungena eNkantolo uma ecelwa.

UMabongi Flora-Junior "Shauwn" Mpisane usolwa ngokwenza ama-invoice angekho emthwethweni ukuze aphulelwe intela.

UMpisane uphinde asolwe ngokuphula umthetho weClose Corporations ngokuqhubeka nokuba nguyena kuphela ilungu leZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport CC.

Ubhekene necala lenkohlakalo nelokuphazamisa ingalo yomthetho, uwaphikile amacala athweswe wona.

Abathwebuli bezithombe bahlaselwe baphinde wasatshiswa onogada bakaMpisane.

Abangani nezihlobo abebezolalela icala bazwakalise ukungenami ngokwenziwe yizintatheli, bathi ziphuma amalungelo kaMpisane.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ugogo usazibambele ematekisini akhe

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...