Linyukile inani labashone ezimvuleni eKZN
2012-12-12 10:04
Durban - Bangu-10 okungenani abantu abashonile kwathi abanye balimala ngesikhathi kuhlasele imvula edale umonakalo omkhulu KwaZulu-Natal, kwacekeleka phansi nemizi, kubika iThe Mercury.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNomusa Dube ngoLwesibili uqinisekise ukushona kwabantu ababili emijondolo yaseMegavillage, eMlazi, abayisithupha eChatsworth, oyedwa KwaDabeka nomunye eMzinto, ogwini oluseningizimu nesifundazwe.
Kodwa-ke, uDube uthe uMnyango uphinde wathola eminye imibiko ngokufa kwabantu, nokungakaqinisekiswa.
Kulesi sibalo kubalwa nezingane ezintathu zaseDassenhoek, ngaseMariannhill, ezishone ngesikhathi zidilikelwa yindlu zilele.
Kuthiwa izulu kulindeleke ukuba liphenye ngempelasonto.
Abantu bayacelwa ukuba baqaphele ngaso sonke isikhathi, uma kunezindlela zokugwema ingozi benze njalo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24