Linqatshelwe ibheyili iphoyisa ngelokubulala
2012-10-09 08:18
Durban - Iphoyisa elinguConstable Mthokozisi Elvis Mthethwa, 26, osebenzela esiteshini saseMkhuze, unqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UMthethwa usolwa ngamacala amabili okubulala uMbalenhle Mngadi nengane yakhe ayeyikhulelwe, nokuzama ukubulala usana olunezinyanga ezinhlanu.
Ngokwalowo okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uMoses Dlamini, kusolakala ukuthi uMthethwa, nowayengasebenzi ngoMgqibelo ebusuku, wayehamba kuBarrow Road, eCato
Manor nabangani bakhe abathathu ngesikhathi kuqhamuka amadoda amabili, kwaqubuka ingxabano.
“Kusolakala ukuthi uMthethwa wabe esehosha isibhamu sakhe wadubula.
“Kwadubuleka owesifazane, 18, owayemi eceleni, uMbalenhle Mngadi, nowayenezinyanga eziyisishiyagalombili ezithwele," esho.
Waphuthunyiswa eKing Edward hospital nalapho ashonela khona.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness