Lingenile elokubulawa kowe-IFP

2012-12-06 16:39

Durban - Iphoyisa eliphenya ngkudutshulwa kubulawe ilungu leNkatha Fredoom Party, alikazifundi izitatimende azathulwa ngofakazi abahlanu.

UCaptain Cedric Nthenga uqale watshela iNkantolo yesiFunda eThekwini wathi babili ofakazi, waphinda washintsha wathi mhlampe bane noma bahlanu.

UNthenga ungumphenyi ecaleni elibhekene nabasolwa abahlanu, ababhekene necala lojubulala uCebisile Shezi, owabulawa mhlaka-6 Okthoba.

Abasolwa kuleli cala ngoMgezeni "Bhungu" Gwala, amadodana akhe uMjabulelwa Gwala, Malusi Sibusiso Ncengwa, noSkhumbuzo Nxumalo.

Umsolwa wesihlanu uBonginhlanhla Gwala, ungaphandle ngebheyili ka-R20 000.

UNthenga uphonswe imibuzo ngummeli uPaul Jorgensen, embuza mayelana nezitatimende zofakazi.

"Njengoba kucaca ukuthi awukazi uzifunde izitatimende, kusho ukuthi awazi noma bukhona yini ubufakazi obungasiza abamangalelwa,” kusho uJorgensen.

UNthenga uphendule wathi ukholwa wukuthi ukudedelwa kwabasolwa ngebheyili, kungase kuqhubeze udlame elokishini laKwaMashu



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...