Lingenile elikaTatane
2012-12-11 12:30
Johannesburg - Icala elibhekene namaphoyisa ayisikhombisa lokubulawa kuka--Andries Tatane ngesikhathi ebhikisha nabanye, liqalile futhi ngoLwesibili ngemuva kwezinyanga ezintathu lama.
Icala liqulwa eNkantolo yesiFunda eFicksburg.
Umshushisi woMbuso uSello Mathloko ubize ufakazi woMbuso, uCaptain Matshidiso Lesimola, oyilungu lophiko lwamaphoyisa agcina ukuthula emphakathini, eFree State.
UTatane wabulawa ngo-Ephreli ngonyaka odlule, kusolakala ukuthi wwbulawa amaphoyisa ngesikhathi edubula ngezinhlamvu zenjoloba kubhikishelwa ukulethwa kwentuthuko eFicksburg.
ULesimola ukuvezile ukuthi uyabazi bonke abasolwa.
UMathloko ube eseqala ukumpheka ngemibuzo, ngalokho okwenzeka ngelanga lemashi, uTatane ayeyingxenye yayo.
ULesimola wethule ubufakazi ngenqubomgomo eyaye ilandelwe uma umphakathi unemibhikisho waveza nangesivumelwano esiba phakathi kwamaphoyisa nabaholi bomphakathi mayelana nesikhathi sokuqala nesokuphela kwemashi, kanye nezindawo ezobanjelwa kuzona.
Uphinde wethula ubufakazi ngezinsiza kusebenza ezaziphethwe amaphoyisa ngalolosuku, ezihlanganisa imoto yamanzi ( water cannon), izibhamu ezincane, nokokuzivikela.
Icala liyaqhubeka
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).