Limshonele uthishanhloko obezitika ngabafundi

2012-11-07 12:06

Durban - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela uthishanhloko waseMkhomazi ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal nokulindeleke avele enkantolo ngokudlwengula okungenani abafundi abayishumi, kubika iThe Mercury.

Lo thishanhloko uboshwe ngoMsombuluko esikoleni, kusho okhulumela amaphoyisa uLiutenant Colonel Vincent Mdunge ngoLwesibili.

Amaphoyisa abekhuluma nabafundi kulesi sikole ngesikhathi abafundi bekhomba uthishanhloko njengomuntu obadlwengulayo.

“Lezi zinsolo zinqala kanti futhi ubufakazi bunohlonze,” kusho uMdunge.

Kuthiwa lo thisha ubeyalela abafundi ukuba basale ngemuva uma sekuphume isikole noma bamhlanzele ihhovisi lakhe, bese eyababhucabhuca abanukubeze.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMuzi Mahlambi uthe uma lezi zinsolo ziyiqiniso, uthishanhloko lo uzothathelwa izinyathelo zomthetho.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-20°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-36°C Sprinkles late. More sun than clouds. Hot. PE: 15-21°C Showers early. Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...