Limshonele owayefuna ukubulala unkosikazi
2012-09-26 07:58
Ingrid Oellermann, The Witness
Pietermaritzburg - Ukhale waba yisono unkosikazi waseMgungundlovu, uVino Williams, enkantolo ngesikhathi umyeni wakhe weminyaka engu-21, uDave Williams etholakala enecala lokuzama ukumbulala ngonyaka odlule.
UWilliams akatshengisanga kuzisola ngesikhathi esebhokisini.
Uzame ukuchazela iMansthi uMpume Linda ukuthi wayengaqondile ukubulala unkosikazi wakhe, kepha amaphilisi lawa wawathenga ngoba efuna ukuzibulala yena.
Inkantolo ibe isinweba ibheyili kaWilliams ka-R10 000 njengoba kulindeleke ukuthi kwehliswe isigwebo ngo-Okthoba 26.
UVino uthe ukhetha ukuphawula ngemuva kwesigwebo, ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani.
Umngani kaWilliams, uTrevor Madlala, ufakaze enkantolo wathi esikhathini esedlule umsolwa wake washo ukuthi ufuna ukubulala unkosikazi wakhe ngoba "uyamcika futhi uhlezi emlandela".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness