Limlahlile owadlwengula

2013-01-08 13:01

Pretoria - Umdlwenguli owalimaza owesifazane wasePitoli nendodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala, ulahlwe yileli cala eNkantolo yeMantshi ePretoria North, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iBeeld libike ukuthi u-Elias Mothate, 37, utholwe enecala lokuphanga, elokweba, elokudlwengula, elokuthumba kanye nelokuzama ukubulala.

"Nginegciwane lesandulela ngculazi. Uma isidoda esitholakale kowesifazane singakutholi lokho, kusho ukuthi anginacala," kusho uMothate ngemuva kwesinqumo.

NgoJulayi 2010, owesifazane nendodana yakhe babelele ngesikhathi uMothate egqekeza engena ekhaya labo ebasabisa ngokubabulala uma bengamniki imali.

UMothate wadlwengula umama womfana, emdlwengulela engadini, wase emphoqa ukuba aye naye emshinini wokukhipha imali, ayomkhiphela imali.

Waphuma imoto ihamba wabaleka, kodwa uMothate wamjaha, wambamba, wamgwaza ephindelela ngemfologo yasengadini, waze wasizwa abantu abamuzwa ememeza.

Kumanje usedla imishanguzo yokuthiba igciwane lengculazi kanti futhi usathola ukwelulekwa ngokwengqondo ngenxa yokuthuka.

Kuzoqala ngoFebhuwari ukukhishwa isigwebo





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...