Limlahlile owabulala unogada

2013-01-14 16:42

Pretoria - Indoda yaseThokoza ilahlwe yicala lokubulala ilungu lonogada basemajalidini, nelokulimaza elinye ilungu, kusho isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli.

UMandla Ntuli, 30, ulahlwe ngamacala ayisishiyagalombili ahlanganisa elokubulala, elokuzama ukubulala, ukushaya, ukubamba inkunzi kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Isehlakalo lesi senzeka eCenturion, eminyakeni emithathu eyedlule.

IJaji uWinston Msimeki ukuchithile ukukhuluma kukaNtuli, obelokhu ephika icala.

Unogada weMnandi Community Watch, u-Andre Erlank Sr, wasinda kukubi ngesikhathi edutshulwa esifubeni ezama ukunqanda isehlakalo sokubamba inkunzi esabe senzeka kwaMnandi Spar, eCenturion.

Izigilamkhuba zadubula zabulala umngani ka-Erlank, ayesebenza naye, uLouis Viljoen, 39.

Umshushisi uCorne Pruis, uthe kumele uNtuli agwetshwe udilikajele, isigwebo sizokwehliswa ngoLwesithathu.

Abanye abasolwa kuleli cala, basagcwele amathafa.
 




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...