Limlahlile obesolwa ngokubulala ithwasa

2014-02-07 10:04

Johannesburg - Umnikazi wesikole sokuthwasa ulahlwe yicala lokubulala ngokungenhloso yiNkantolo eNkulu yaseNorthern Cape kulandela ukufa kowayeyothwasa, kusho umbiko wephephandaba iThe Star ngoLwesihlanu.

U-Ellen Mogwera, 30, waliphika icala lokuthi uyathinteka ekushoneni kwethwasa lakhe kepha wangazikhipha izizathu.

Uphinde walahlwa yicala lokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho.

UGabaediwe Agnes Motsage washona ngemuva kokuthi yena nomunye wesifazane bashawa ngoDisemba 2012 kulesi sikole sokuthwasa esiseHartswater.

Ababili kwabathathu abasolwa noMogwera, uJohn van Vis, 19, nabafana ababili, nabo balahlwe yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

UMogwera wavuma ukuthi uyazi ukuthi washaya laba besifazane okukhulunywa ngabo, ethi yena wabathintitha kancane nje ngoswazi.

IJaji uHennie Lacock ethula isigwebo uthe uMogwera, waxebula umufi ngesitswebhu wase emshaya ngesagila ekhanda.

Uzogwetshwa ngoMashi 13 no-14.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...