Limlahlile uMngeni elokubulala uDewani
2012-11-19 14:01
Cape Town - Ijaji eNkantolo eNkulu eWestern Cape liqale ukufunda isinqumo ecaleni lokubulawa komshadikazi u-Anni Dewani, owabulawa ezobungaza umshado wakhe kuleli laseNingizmu Afrika, edolobheni laseKapa.
UXolile Mngeni, 25, uvele ngaphambi kukaJaji Robert Henney, ubelokhu ezimboze ubuso ecashela abezindaba abakade bezama ukumthwebula.
Lona uliphike kwaze kwaba sekugcineni leli cala.
UDewani wathunjwa, wabanjwa inkunzi ngaphambi kokuthi abulawe elokishini iGugulethu, mhlaka-13 Novemba 2010.
Wabe ekuleli nomyeni wakhe uShrien, kukholakala ukuthi umyeni kaDewani nguye owakhanda itulo lokuthi abulawe.
Efunda isinqumo ujaji, uthe kumele abantu bakhumbule ukuthi uShrien Dewani akakathweswa amacala futhi abukho ubufakazi obumkhomba ngqo kuleli cala.
Abanye abasolwa uMziwamadoda
Qwabe nomshayeli uZola Tongo, bavuma leli cala base begwetshwa.
UMngeni ube esegojelwa yicala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24
kuTwitter (@IzindabaNews24
- SAPA