Limisiwe iphoyisa elathatha i-video

2013-02-07 10:02

Cape Town - INkantolo eNkulu yaseWestern Cape ihlawulise iphoyisa u-R3 000 yase ilinika isigwebo esilengisiwe ngokuqopha i-video yelinye iphoyisa liqabula liwotawota owesifazane, kusho umbiko ngoLwesine.

Ngesikhathi kugwetshwa uConstable Jaede Fillies ngoLwesithathu, inkantolo ithole ukuthi waziphatha "budlabha" ngesehlakalo sangoJuni 2010.

Ube esenikezwa isigwebo sezinyanga eziyisithupha ebhadla ejele, nesilengiswe iminyaka emithathu, ngaphansi kwemibandela ethi angaliphindi icala elifuze leli kuleso sikhathi.

UFillies noWarrant Officer Theodore Syster bahoxiselwe amacala abebekwe wona okuthi badlwengula owesifazane, 29, ngo-2010 base bemyisa esiteshini samaphoyisa e-Elsies River.

Bekusolwa ukuthi uSyster wadlwengulela ethoyilethi lesiteshi lo wesifazane, uFillies wathatha i-video.

UFillies ube esemiswa emsebenzini izinyanga ezintathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...