Limi ku-52% elabahambisana noZuma
2012-12-17 13:32
Johannesburg - Isibalo sabantu abathanda uMengameli uJacob Zuma ezweni singu-52%, kube u-70% abahamba noKgalema Motlanthe, kusho ucwaningo olukhishwe ngoMsombuluko.
"Ucwaningo luthole ukuthi u-52% wabantu bayayamukela indlela uMengameli uJacob Zuma enza ngayo umsebenzi wakhe," kusho iTNS South Africa esitatimendeni.
Ucwaningo lwenziwe phakathi kukaDisemba 6 no-10 kusetshenziswa omakhalekhwini kubantu abangu-3 100, abaphakathi kweminyaka engu-18 no-45, abahlala ezindaweni zasemadolobheni amakhulu namancane aseNingizimu Afrika.
Ucwaningo luveza ukuthi ezindaweni ezisemadolobhedi amakhulu zehlele ku-49% izibalo zabathanda uZuma, kodwa kwezinye izindawo zingu-58%.
Bangu-70% abahamba noMotlanthe, u-67% wabo abasemadolobheni amakhulu kuthi u-75% wabo abakwezinye izindawo.
"Ocwaningweni lwangaphambilini iphini likamengameli lathola u-51%.
I-TNS ithe njengokwejwayelekile kwezombusazwe eNingizimu Afrika, ucwaningo lukhombise ukuthi kunomehluko phakathi kwabantu ngebebala labo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA