Lihoxisiwe icala lokushaya lephoyisa
2013-02-05 07:59
Thobani Ngqulunga, The Witness
Pietermaritzburg - Lithole ukuphefumula iphoyisa leRoad Traffic Inspectorate (RTI) ngesikhathi kuhoxiswa icala lokushaya lapho kwakuzilolonga khona abebefuna imisebenzi eMgungundlovu.
U-Officer Siphiwe Derrick Ndlovu, obegqoke umfaniswano ogcwele wamaphoyisa omgwaqo eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, ubesolwa ngokushaya uPhumlani John Mbhele, nongumabhalane emaphoyiseni eNewcastle, nowayengomunye wababeyofesela umsebenzi.
Kusolakala ukuthi uMbhele washaywa ngempama kabili eshaywa nguNdlovu ngesikhathi bezilolongela umsebenzi ngoDisemba 27 eHarry Gwala
Stadium.
Kwashona abantu abayisishiyagalombili ngemuva kokugijima amakhilomitha amane elangeni elalikhipha umkhovu etsheni.
Icala lihoxiswe ngokuvumelana phakathi kommangali nommangalelwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness