Lihoxisiwe elokudlwengulwa kwesalukazi, 94
2012-10-16 10:01
Durban - Ligcine ngokuhoxiswa icala ebelibekwe owesilisa nowayesolwa ngokudlwengula isalukazi, 94, eNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover, kubika iThe Witness ngoLwesibili.
Lo wesifazane wadlwengulwa esekhaya lakhe kwaSwayimane, ngasedolobheni oZwathini, KwaZulu-Natal ngoJulayi 21.
Imiphumela yolibofuzo (DNA) itshengise ukuthi uNtuthuko Ndlela, 28, akuyena umenzi wobubi, kodwa usazobhekana necala lokugqekeza elihlobene nesinye isigameko.
Icala loMbuso belincike ebufakazini bukamzukulu kagogo, nokunguyena owakhomba uNdlela.
UNdlela waliphika icala ngesikhathi efaka isicelo sebheyili ngo-Agasti.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA