Lihoxile elokudelela uMalema

2013-01-22 16:24

Johannesburg - Inkantolo ilichithile icala lokwedelela ebelethweswe uBoy Mamabolo, owabe engumngani womholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema.

Icala lizohoxa kuze kuba kutholakala ubufakazi obuphelele ekutheni wawuthumela yini umlayezo kamakhalekhukhwini ekuthiwa wawuthumelela uMalema emdelela.

Kumele kutholakale ubufakazi ekutheni ukhona ngempela yini lowo mlayezo, kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.

UMamabolo bekusolakala ukuthi wathumelela uMalema umlayezo emtshela ukuthi uzomba amathambo kamama wakhe bese ewalahla emzini kagogo wakhe eSeshego.

UMalema wavula icala ngemuva kokuthola lo mlayezo.

Iphephandaba iThe Star labika ukuthi umlayezo wabe uthi: "Ngifuna ukukukhombisa ukuthi nginesihluku kanjani, ngizomba uMahlodi ethuneni bese ngimtshinga egcekeni emzini kagogo wakho. Usungenzakalise kwaze kwaba kaningi.”





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...