Lihlehlisiwe icala lika-Okah

2011-04-18 12:50

Johannesburg - Lihlehlisiwe icala likalowo osolwa ngokuzama ukuvukela uMbuso, uHenry Okah, ongowokudabuka eNigeria eNkantolo yeSifunda eGoli ngoMsombuluko.

Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngoJuni 21.

U-Okah ubhekene namacala okuzama ukuketula uMbuso, ahlobene nesigameko sango-Okthoba 1 nalapho kwaqhunyiswa amabhomu e-Abuja, eNigeria kwashona amantu abangu-12 kwalimala abangu-36.

Usolwa ngokuba ungqondongqondo kulokhu kuhlasela okwenziwa iMovement for the Emancipation of the Niger Delta (Mend).

U-Okah ubehlala eGoli ngesikhathi eboshwa.

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Broken clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 0-13°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-12°C Rain showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-15°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...