Lihlehlisiwe icala 'lendoda yembazo'

2011-08-04 13:04

Durban - INkantolo yeMantshi eThekwini inqume ukulihlehlisela u-Agasti 25 icala lokubulala likalowo owayedlalela iBlue Bulls, uPhindile Joseph Ntshongwana.

UNtshongwana, 33, uvele kancane enkantolo ngezinsolo zokuklabha ngembazo abantu abathathu eLamontville ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Leli cala lihlehliswe ngenxa yokuthi ibingakaphothulwa imibiko kadokotela wezengqondo woMbuso kanjalo nozimele.

UNtshongwana wangeniswa eFort Napier Hospital nalapho ahlolwa khona yilabo dokotela. Imibiko yabo izokwethulwa ngo-Agasti.

Uyise kamsolwa, uListon Ntshongwana, watshela inkantolo ukuthi indodana yakhe iphazamisekile emqondweni.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Rain late. Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...