Lihlehlisiwe elokugwetshwa kukaJub Jub

2012-11-30 12:04
Yabelani Shicilela

Kuhlehlisiwe eNkantolo yeMantshi yaseProtea ukugwetshwa kukalowo owatholakala enecala lokubulala uMolemo "Jub Jub" Maarohanye nasolwa naye uThemba Tshabalala ngoLwesihlanu.

Ummeli kaMaarohanye uRudi Krause, ufake isicelo sokuthi kuhlehliswe ukugwetshwa kukaMaarohanye ngenxa yokuthi usemusha kuleli cala kanti akabanga nesikhathi esanele sokuzilungiselela.

"Leli cala lihlehliselwe uDisemba 5," esho.

Bekuphume nesinedolo ngesikhathi kuvele laba enkantolo.

Abathwebuli bezithombe nabakamabonakude nabo balungisa izinto zabo zokusebenza ngaphakathi enkantolo ngaphambi kokuba kuqalwe.

UMaarohanye ubonakale egqoke isikibha esimhlophe esinesiphika kanye nogawini oluhlaza kanti uTshabalala yena ubegqoke isikibha esinemigqa eluhlaza nebomvu, ugawini kanye nejakhethi emnyama.

Ngo-Okthoba 16, iMantshi uBrian Nemavhidi wathola uMaarohanye noTshabalala benamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokusebenzisa izidakamizwa, elokubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakathi, kanye nelokushayela bedle izidakamizwa.

UMaarohanye noTshabalala babebekelelana ngezimoto eProtea North ngoMashi 8, 2010 ngesikhathi beshayisa izingane zesikole.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...