Lihlehlisiwe elikaMoyo lokuphanga

2012-03-28 14:39

Pretoria - Isiboshwa esidume ngokweqa uBongani Moyo nabanye abathathu bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngamacala okuphanga behlomile ngoLwesithathu.

Izindaba zomsakazo weSABC zibike ukuthi uMoyo, uLeon Ncube, uKhumbulani Sibanda noThabani Sibanda bazobuyela enkantolo ngoMeyi 4.

UMoyo weqa ejele laseBoksburg ngoMashi wangonyaka odlule.

Wabanjwa ngasemngceleni iBeitbridge eLimpopo, ezama ukungena kuleli ephuma eZimbabwe.

Ngo-Agasti, weqa esenkantolo ePitoli ehamba ngemikhoba.

UMoyo nasolwa nabo uThemba Dube noKhumbulani Sibanda bazama ukweqa ejele lasePitoli ngoMashi 14.

Umuntu odayisa amaphephandaba emgwaqeni nguye owahlaba umkhosi, base bebanjwa.

Babekwe uhide lwamacala okuphanga behlomile.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...