Lihlehliselwe unyaka ozayo elikaShelembe

2012-06-19 10:02

Pietermaritzburg - Icala lokukhwabanisa elibhekene nowayeyiPhini leMeya kaMasipla uMsunduzi u-Alpha Shelembe lihlehliselwe unyaka ozayo eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngokusho kombiko wephephandaba iThe Witness ngoLwesibili.

UShelembe uvele enkantolo nonkosikazi wakhe uJoyful Shelembe nodadewabo uNelisiwe Shelembe ngoMsombuluko.

Abanye asolwa nabo ngusomabhizinisi uLucky Moloi nomqaphi uThemba Xaba.

Ngokwalo mbiko iMantshi uJaco Jordaan utshelwe ukuthi omunye umsolwa nobeyikhansela lomkhandlu waseMgungundlovu, uThemba Zungu akasekho emhlabeni.

UJordaan ube eselihlelisela uMashi 11 icala ukuvumela ukuba kutholakale omunye umshushisi kulandela ukuthi uRema Mahabeer esulile kuNational Prosecuting Authority.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...