Lihlehlile icala likaMpisane

2013-02-15 14:01

Durban - Icala lesithathu elibekwe usomabhizinisi waseThekwini uMabongi Flora Junior "Shauwn" Mpisane -- nalapho esolwa ngokugxambukela kofakazi boMbuso -- lihlehlisiwe eNkantolo yesiFunda yasePinetown ngoLwesihlanu.

UMpisane usolwa ngokuzama ukuhlohla ufakazi woMbuso ukuba ashintshe okubhalwe kumarisidi, inkohlakalo nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho.

Icala lihlehliselwe uFebhuwari 21.

Kuthiwa wazama ukuqinisekisa ufakazi ukuthi ashintshe umbhalo obalwa njengobufakazi enkantolo mayelana necala lentela azolithetha ngoMeyi.

Kuleli cala langoMeyi, uMpisane usolwa ngokukhwabanisa amarisidi ukuze kwehle intela azoyikhokha kwabakwaSouth African Revenue Service.

Ubhekene nelinye icala eNkantolo yezeziMali eThekwini mayelana namacala angu-53.

Kuthiwa wafaka amaphepha angumkokotelo kwabeConstruction Industry Development Board ukuze kuphasiswe ukuthola kwakhe amathenda.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...