Lihlehlile elowaziceba ukuthi wabulala

2013-02-15 12:02

Cape Town - INkantolo yesiFunda eWynberg ilihlehlisile icala elibhekene nomlisa owazivumela ngowakhe ukuthi wabulala umuntu eminyakeni eyishumi nanye eyedlule, kusho umbiko weCape Argus, ngoLwesihlanu.

Umsolwa uRaafiq Abrahams, 25, uvele kafishane ngaphambi kwenkantolo, kwathathwa isinqumo sokuthi lidluliselwe kwenye inkantolo kuze kuzoqala kuqulwe icala.

U-Abrahams watshela amaphoyisa ngenyanga kaDisemba wathi wagwaza wabulala uSulaiman Brey, 36, mhlaka-13 Novemba 2002.

UBrey wabulawa esitolo sakhe iBrey's Wittebome Superette, eWynberg.

Umbiko uthi u-Abrahams wenza leli cala esaneminyaka engu-14 ubudala, uBrey washonela esitolo sakhe, kanti umsolwa wagcina ngokubaleka wangatholakala.

U-Abrahams kade esesebenza eDubai, iminyaka emithathu, ubuyele edolobheni laseKapa, elimele, wase efika evuma izono zakhe.

Kulindeleke aphinde abuyele ngaphambi kwenkantolo mhlaka-24 Ephreli.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...