Lihlehlile elokudlwengula laseNtabazwe

2013-01-03 08:01

Bloemfontein - Lihlehlile eNkantolo yeMantshi yaseHarrismith icala lokudlwengula nokubulala intombazane, elibhekene namadoda amabili nabafana ababili baseNtabazwe.

Laba basolwa ngokudlwengula babulale intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, abayithatha ihamba nesoka layo, kusho amaphoyisa aseFree State police.

Abasolwa bazogqunywa esitokisini kuze kuba babuyela enkantolo mhlaka-10 Januwari, la khona bezokwazi ukufaka isicelo sebheyili, kusho uSergeant Mmako Mophiring.

Umfana oneminyaka engu-14 ubudala noneminyaka engu-16 ubudala, kuthiwa baba yingxenye yabane abadlwengula babulala intombazane ngeSonto.

Ababili kubasolwa bayizelamani.

Abahlaseli basabisa isoka bathi bazolibulala, base bethatha intombazane behamba nayo,” kusho uMophiring.

Umfana wabe esetshela umphakathi, owaphuma inqina uthungatha intombazane, ekwabe sekutholakala isidumbu sayo emathuneni.

"Intombazane bayikhumula izinwele zokufakelwa, zasakazwa eduze kwayo. Kwatholakala namakhondomu ayisishiyagalombili asebenzile.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...