Lihlehlile elokubulawa kukaBooysen
2013-02-11 14:03
Cape Town - INkantolo yeMantshi yaseBredasdorp ilihlehlisile icala loyedwa osolwa ekubulaweni kuka-Anene Booysen, 17, obekwe endlini yakhe yokugcina ngempelasonto.
IMantshi uGraham Cupido utshele umsolwa uJohannes Kana, 21, ukuthi kumele aphinde abuyele enkantolo nomsolwa uJonathan Davids, 22, ngoLwesibili.
Abasolwa basagqunywe esitokisini.
UBooysen watholwa ngunogada elele endaweni evulekile ngoMgqibelo odlule, elinyazwe kambi, sekusele kuphume umphefumulo.
UKana uboshwe ngesonto eledlule ekanye nomunye umsolwa wesithathu, obuye wadedelwa ngemuva kophenyo.
Ekuveleni kwakhe enkantolo uKana, ubezemboze ubuso ngethawula ezifihla kwabezindaba kanye nomphakathi obugcwele ngobuningo bawo.
Abantu bebekotele emawindini bezama ukuzwa ukuqhubeka kwecala enkantolo.
Imantshi imbuze ukuthi uzosebenzisa ummeli wakhe noma uzodinga usizo loMbuso, wathi uzodinga usizo loMbuso.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA