Lihlehlile elikamama owabulala izingane

2012-11-12 16:34

Johannesburg - INkantolo yesiFunda eVryburg ilihlehlisile icala likamama waseLower Majeakgoro, ePampierstad, osolwa ngokubulala abantwana bakhe abahlanu, ekuthiwa wabulala ngokubagwaza.

"Ukukhishwa kwesigwebo kuhlehlisiwe, icala lizobuyela ezithebeni zenkantolo ngoLwesibili," kusho okhulumela abameli bakwaLegal Aid Board, uThotoane Shale.

Ijaji uRonald Hendricks uthole uVinolia Siwa enecala lokubulala izingane.

Isitatimende esifundelwe inkantolo sithi lo mama wezingane eziyisithupha wavuma ukuthi wagwaza izingane zakhe ezine, wase eminzisa enye eyodwa, neyabe ingumagcina, lokhu kwenzeka ngo-Okthoba ngonyaka ka-2011.

"Ngathatha umese ngagwaza izingane ezine, ngizigwaza entanyeni, kwathi eyokugcina ngayiminzisa."

Umama ucele inkantolo ukuthi icabangele ingane yakhe enezinyanga ezinhlanu ubudala, ayibelethele ejele.

"Uyangidinga ukuthi ngibe yigxenye yempilo yakhe."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...