Lihlehlile elibhekene nogogo nomama 'ababulala' ingane

2015-03-19 14:31

Durban - Icala elibhekene nomama kanye nendodakazi yakhe, abasolwa ngokubulala ingane uJamie Naidoo, lihlehlisiwe eNkantolo yeMantshi eChatsworth ngoLwesine.

Icala lihlehlisiwe ukuze kulindwe umphumela wokuhlolwa kokusebenza kwengqondo kaSalatchee Venilla Basanich, 55, kanye nendodakazi yakhe uPatricia Kershie Ishwarlal, 31.

Funda nalolu daba: Udilikajele kwabadlwengula owesifazane phambi komyeni.

Bathweswa icala ngezinsolo zokushaya ingane yaze yashona emzini wabo oseChatsworth.

NgoJanuwari, iMantshi uBusisiwe Lilly Mpungose wayalela ukuba uBasanich no-Ishwarlal bayohlolwa ukusebenza kwengqondo esibhedlela iFort Napier.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...