Lihlehlile elebhungu elabulala ugogo walo ngenkemba

2015-02-25 14:32

Johannesburg – Lihlehlisiwe icala lebhungu elisolwa ngokubulala ugogo walo ngenkalivasi ngesikhathi livela eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort, ngokusho kombiko.

Ngesikhathi leli bhungu elineminyaka engu-16 ubudala livela enkantolo ngoLwesithathu beligqoke isikibha esimnyama litshelwe ukuthi icala lalo lihlehliselwe umhlaka-11 kuMashi.

Ngeke likwazi ukudalulwa igama ngenxa yeminyaka yalo.

OLUNYE UDABA: Ushaqekile ugogo othole 'induku' yowesilisa kwakhe

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo ummeli walo u-Aadil Lambat uchaze wathi inhloso yokuhlehliswa kwaleli cala yingoba basalinde imiphumelo yesasesibhedlela sengqondo.

Phambilini uMbuso wavuma ukuthi leli bhungu lihanjiswa ukuyohlolwa ingqondo.

Lo mfana kubikwa ukuthi wabulala ugogo wakhe ngoDisemba nyakenye kanti inhloso yalokhu ayaziwa.

Usazoqhubeka nokugcinwa esitokisini.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...