Lihlehlele unyaka ozayo elakwaShembe

2012-09-28 14:03

Durban - INkantolo eNkulu eThekwini izoqhubeka ngonyaka ozayo necala lombango wezikhundla ebandleni iNazareth Baptist Church elaziwa ngokuthi kukwaShembe.

Ukulalelwa komdonsiswano kuzoqhubeka mhlaka-4 Febhuwari.

Indodana yeNkosi eyakhothama uVimbeni Shembe, okunguMduduzi nomzala wakhe uVela Shembe, yibo abasemdonsiswaneni wezikhundla.

UVela uthi ngokusho kwencwadi yamafa,  iNkosi yashiya yena esihlalweni, wafaka lolu daba enkantolo ngenhloso yokungena esikhundleni agudluze uMduduzi owaqokwa yibandla.

Abacwaningi bokubhalwe phansi uJannie Bester noLeon Esterhuizen kulindeleke baqhubeke nokuchazela inkantolo uma kubuyela icala ezithebeni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulindelwe isinqumo 'kwelendoda yembazo'

Emizuzwini eyi-49 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...