Ligwetshiwe iphoyisa elabulala umfana

2012-12-04 14:03

Johannesburg - Iphoyisa elalisafunda, nelalahlwa yicala lokubulala, uConstable Sipho Mbatha ugwetshwe iminyaka engu-17 ethothoza endlini emnyama yiNkantolo eNkulu yaseGoli, emihlanu yayo yalengiswa.

"Iminyaka emihlanu izolengiswa ngaphansi kwemigomo ethi awuphindi utholakale ecaleni elifanayo," kusho iJaji Kathleen Satchwell.

UMbatha usukume wama, wase anga umkakhe.

Ngo-Agasti uMbatha walahlwa yicala lokubulala uThato Mokoka, 16.

USatchwell uthe abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi isenzo sikaMbatha saba yiphutha.

UMbatha wadubula uMokoka ngoFebhuwari emzini kagogo wakhe ngesikhathi amaphoyisa ayegasele khona ngemuva kwemibiko ethi uMokoka uphatha isibhamu esingekho emthethweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...