Ligwetshiwe ibhungu ngelokubulala

2012-07-18 08:24
Yabelani Shicilela

Durban - Owesilisa waseRichards Bay uKeegan Govender wayeneminyaka engu-17 ngesikhathi ebulala umakhelwane wentombi yakhe wase elahla isidumbu sakhe emfuleni ogcwele izingwenya, kubika iThe Mercury.

Ube esegwetshwa iminyaka engu-17 ebhadla ejele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesibili.

UGovender nentombi yakhe uMichelle Nadasen, 24, babekwa icala lokubulala uGansen Gounden ngo-2010.

UNadasen walivuma icala wabe esegwetshwa iminyaka engu-25 ethothoza endlini emnyama.

Ebufakazini abethula enkantolo, uNadasen wathi uGounden wamnukubeza ngokucansi wabe esetshela uGovender.

Uthi waba nesandla ekubulaweni kukamufi kodwa uGovender waba ngungqondongqondo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Cool. Pta: 6-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...