Licela ku-765 inani labashone ezingozini

2012-12-24 09:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuThutha uBen Martins usenxuse abashayeli abahamba emigwaqeni yakuleli ngamaholidi ukuba babeke phambili impilo ngaphambi kwakho konke.

“Ungqongqoshe uthe uma wonke umshayeli eqikelela ekuhlengeni izimpilo zabantu uma engane emotweni, izwe lingalwa impi ebonakalayo mayelana nokushona kwabantu ezingozini," kusho uMnyango esitatimendeni.

“Bangu-765 abantu okubikwa ukuthi bashonile emigwaqeni yakuleli kusukela kuqale amaholidi. Ungqongqoshe ukhalisana nemindeni elahlekelwe."

UMartins uthi yize uhulumeni ezama ngazo zonke izindlela ukulwa nalesi sihlava, kodwa asibukeki singcono isimo emigwaqeni yakuleli.

Into edala kakhulu izingozi ukukhathala nokuhamba ngesivinini esiphezulu, nathi yizinto ezingagwemeka.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...