Libukeka lizonyuka inani labashone ezingozini
2012-12-27 08:42
Johannesburg - Izingozi zemigwaqo ezenzeke kuleli ngesikhathi samaholidi ngenyanga kaDisemba kuphela zingase zifike zidlule ku-1 000, ngokusho kwemibiko yabezindaba.
Iphephandaba iThe Star libike ukuthi iRoad Traffic Management
Corporation ithe lesi sibalo singase sime ku-1 100 kulandela ezinye izingozi kuleli ngempelasonto.
Iphephandaba iThe
Citizen libike ukuthi izigameko eziqinisekisiwe zokushona kwabantu ezingozini "zingaphezu kuka-1 000" kanti uNgqongqoshe wezokuThutha uDikobe Ben Martins uthi iningi lezingozi zidalwa ukusikana kwezimoto okuyingozi, ukuphuza nokushayela, ukuhamba ngesivinini esiphezulu ebusuku nokunye.
IBeeld ibike ukuthi ngalesi sikhathi ngamaholidi angonyaka odlule, phakathi kukaDisemba 1 noJanuwari 10, kwashona abantu abangu-1 771 ezingozini.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA