Libukeka limlahla elakubo u-Oscar

2013-02-19 14:05
Yabelani Shicilela

Pretoria - Imantshi ekuqhubekeni kwesicelo sebheyili somsubathi u-Oscar Pistorius, inqume ukuthi lo mgijimi abhekane naleli cala ngaphansi kukaSchedule Six, nokungase kukwenze kube nqala ukuthi athole ibheyili.

IMantshi uDesmond Nair utshele iNkantolo yeMantshi ePitoli ngoLwesibili ukuthi ngeke bakushaye indiva ukuthi ukubulawa kukaReeva Steenkamp kungenzeka ukuthi kwabe kuhleliwe.

Lokhu kuchaza ukuthi uPistorius kumele eze nobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi kumele anikezwe ibheyili.

Amacala angaphansi kukaSchedule Six yilawo athathwa njengabucayi kakhulu.

Kuqhubeka leli cala umsolwa utshengisa ukuzisola kanti ulokhu ebheke phansi echiphiza.

Khonamanjalo, uSteenkamp ubekwe ekhaya lakhe lokugcina ePort Elizabeth, enkonzweni ebeyenzelwe ekusithekeni.

Umfowabo u-Adam Steenkamp uthe umufi ushiye isikhala esikhulu, usho ekhuluma nezintatheli ngaphandle kwaseVictoria Park Chapel.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...