Libonga aliqedi ikhansela leNkatha

2013-02-28 10:00
Yabelani Shicilela

Durban - Ikhansela leNkatha Freedom Party eseliphunyuke kwaze kwaba kabili bezama ukulibulala, lithi libonga liyanconcoza njengoba uMasipala weTheku usulihlinzeke ngonogada.

“Ngizizwa ngiphephile manje. Umasipala ungihlinzeke ngonogada, batheleke emzini wami ekuseni," kusho ikhansela laku-ward 39 uSakhi Ngcamu, etshela abezindaba zeThe Witness.

UNgcamu wabekwa esikhundleni ngenyanga kaDisemba, ngemuva kokhetho lokuchibiyela, olwaluza ngemuva kokuthi kuthunjwe kwabulawa ikhansela leqembu uThemba Xulu.

Ngempelasonto uNgcamu wadoja ukufa ngesikhathi oshayasibhamu behlasela emzini wakhe, ekanye namanye amalungu amathathu eqembu.

Kulesi sehlakalo kudubuleke oyedwa, wathola ukulimala.

NgoLwesibili, baphinde bazama futhi ukugadla abahlaseli, kwashona umuntu oyedwa.

Umkhulumeli kamasipala uThabo Mofokeng uthi banike ikhansela onogada, yize noma lingekho eqenjini elibusayo kumasipala.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...