Libalulekile ilungelo lempilo - Zuma

2013-02-21 16:42

Parliament - Libalulekile ilungelo lempilo nokuphepha kwabesifazane kanye nezingane, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma, ngesikhathi ekhuluma ePhalamende.

UZuma ubephonswa imibuzo mayelana nenkulumo yakhe ebhekiswe esizweni, ayenza ngesikhathi kuvulwa iPhalamende.

Siyakwamukela ukwehla kwezibalo zobugebengu, kodwa kuyethusa ukuthi kungenele isihlava esethusayo sokudlwengulwa kwabantu besifazane, kusho uZuma.

Umengameli uthe lo mkhuba kumele ugxekwe ngayo yonke indlela.

"Sekudlulele kakhulu, akusagcini nje ngokuthi kuhlukunyezwe abesifazane kuphela, umkhuba usungenele nakwabesilisa. Kukhona abesilisa abanyukubezwayo. Sesitshele amaphoyisa ukuthi kumele angabi nazwelo kubantu abenza lezi zehlakalo,” kukhuluma uMsholozi.

"Kumele siphinde sibheke ukuthi kungenziwa njani ukuthi kubuyiswe isithunzi nokuzigqaja kubantu, babe nokuhlonipha ilungelo lempilo, kube nokuhloniphana.”

"Njengoba sizogubha iminyaka engu-20 izwe lakhululeka, kumele abaholi babhekisise kabanzi lolu daba lokuhlukumeza.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...