Lehlile izinga lokweqa kweziboshwa
2012-09-06 16:33
Johannesburg - Lehle kakhulu inani lokweqa kweziboshwa emajele kule minyaka eyishumi eyedlule, kusho uNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele ngoLwesine.
Inani eliphezulu lokweqa kweziboshwa kule minyaka eyishumi eyedlule libe ngu-281 ngo-2002/3, kanti elincane libe ngu-41 ngo-2011/12, kusho okhulumela uMnyango uLogan Maistry.
"Kule minyaka emine eyedlule... kubikwe izigameko ezingu-225 zokweqa kweziboshwa, kanti ezingu-67 zeqe eFree State/Northern
Cape kuthi ezingu-20 ziseLimpopo/Mpumalanga/North West."
Kweqa abantu abangu-11 ngomhlaka-25 Agasti, esigamekweni okwadutshulwa kwabulawa khona ujele uMzukisi Michael
Dusubana, 54.
UMaistry uthi zonke lezi ziboshwa zaphinde zaboshwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA