Lalimisiwe iphoyisa elisolwa kwelikaTatane
2012-05-17 16:34
Ficksburg - Ufakazi woMbuso ecaleni lokubulawa kombhikishi waseFicksburg u-Andries Tatane wabe emisiswe emsebenzini ngesikhathi ehambele umbhikisho futhi wabe eqhubeka momsebenzi wakhe njengephoyisa.
Lokhu kuvele ebufakazini obethulwe eNkantoo yesuFunda iFicksburg ngoLwesine.
Ummeli wamaphoyisa ayisikhombisa uJohann Nel, upheke ngemibuzo ufakazi uConstable
Kabelo Pule, embuza ukuthi ngabe usawusebenzela yini umbutho wamaphoyisa.
UPule utshele inkantolo wathi umisiwe emsenbenzini kodwa usayilo iphoyisa.
"Angikhumbuli ukuthi ngamiswa nini kodwa ngisayilo iphoyisa."
Amaphoyisa abhekene necala lokushaya nokubulala uthisha uTatane, ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabahlalieFicksburg ngonyaka ka-2011.
Icala liyaqhubeka
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).