Lahlasela ngoba laliwe iphoyisa

2012-10-23 14:29

Cape Town - Iphoyisa laseMossel Bay elavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuba lizidubule nalo lalingakutholi ukuphumula ngenxa yokuhlukana nentombi yalo, kusho umbiko ngoLwesibili.

ICape Argus ibike ukuthi uSergeant Annesh Bootram, 36, uye lapho kuhlala khona owayeyintombi yakhe uConstable Evelyn Pienaar ngeSonto, kwase kuqubuka ingxabano.

"Kube sekuqhuma inganono... Ezinye izinhlamvu zadubula uPienaar. Umama wakhe, indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha kanye nomgani wakhe nabo bathola ukudubuleka," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Malcolm Pojie.

UBootram wehla ngephaseji, wabe esezidubula, washonela khona lapho.

Bonke ngaphandle kukaPienaar baphume ngoMsombuluko esibhedlela.

Ngokusho kombiko, uBootram noPienaar bahlukana ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uBootram akayizwisisanga kahle leyo kanti futhi ubekhathazekile ngelungelo lokugcina izingane zakhe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

INumsa igxeka ukuhlaselwa kukaMadonsela

Emizuzwini eyi-2 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...